
About this episode
Ngiyakubingelela Mam Khoza nomlaleli woKHOZI FM ngicela ningisize ungenze u anonymous
ngineminyaka engu 23, mina sakhulela khaya ko baba, kumama sibawu 6 izingane zika Baba kodwa
uBaba wahamba wayohlawula ubhuti wethu omdala , umama lapho besehlala nobaba kwathi
ngonyaka ka 2010 wakhipha inkomo eyodwa eyibalela emalobolweni awakhiphela uMama.
Mam Khoza ngicela ningisize ubaba thina akasihlawulanga sihlala ekhaya ko Baba noMama kwathi
ngonyaka ka 2020, uBaba wahamba wayohlawula ingane ayithole kwenye intombazane yakhe
encane yango 2015.
Thina Mam Khoza akasihlawulanga uBaba wethu kwagcina ngobhuti wethu omdala nami mangithi
ngiyabamba isisu bavele bashone abantwana baze babathathu manje, enye inkinga masekumele
bahlawule kubo kamfana wathi uBaba izinkomo aziyi kubo kamama azize langakhulela khona,
nangempela zafika masekumele zihambe namalobola wathi singamujahi yena uzolobola
ngesikhathi sakhe nami izingane zilokho ziyashona sengize ngicabanga nokuzibulala ngoba
siyabangwa ekhaya koBaba nakubo kamama kodwa koBaba abakaze balungisa amacala abo kubo
ka Mama manje sekulimala thina nezingane zethu.Ngicela ningisize ningixazulele nayi nkinga ,
ikuphi okumele kwenziwe makunje Mam Khoza ngiyaxolisa ukuba mude.
Get every episode summarized
Each time Jabulujule 9 -12 publishes, we email you a written briefing from the transcript — the topics, who appeared, and any specific claims, with the ad reads skipped.
Email me new episodesFree for 3 shows. No card needed.
Hosts & guests
No transcript yet
This episode has not been transcribed. Request it and it moves to the front of the queue.
More episodes
More from Jabulujule 9 -12

#Jabulujule - INGONO YOMSAMO no Professor VVO Mkhize (Sikhuluma ngohambo lwempil...
Jabulujule 9 -12

#Jabulujule -IKHAYA LAMACIKO no Siyabonga Mpungose - 06 May 2026
Jabulujule 9 -12

#Jabulu Jule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu (Sikhuluma ngezinkinga e...
Jabulujule 9 -12

#Jabulu Jule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Bhengu - 20 April 2026
Jabulujule 9 -12