
About this episode
Ngibingelele kuwena Mam Lady-D nakumlaleli womsakazo UKHOZI FM, ngesonto eledlule ubaba uVVO Mkhize wakhuluma ngezibusiso ezivela kumzali, nokuthi impumelelo sikhanyiselwa yibo abazali njengoba kuqala unyaka nje. Mam Khoza angiphikisi lutho kule nkulumo kodwa esimweni lapho umzali engakufiseli okuhle, kwenziwa njani? Isintu sihamba sifike kuphi kubazali ekuthi noma izingane zabo zizama kanjani kodwa kungabi khona ukubonga nokuzifisela okuhle? Engathi uma uphumelela ungangemdluli yena.
Abazali bethu bayasilimaza kakhulu kanti lolo hlangothi alinakisiswa kahle. Mina sengamukela ukuthi akukho engiyokwenzela umzali wami akujabulele, noma kuncane, noma kukhulu. Uyohlezi egxeka, ekhuluma amazwi amabi. Ngifisa amandla okuphuma ekhaya ukuze umoya wami ukhululeke. Uyakwazi yini ukungafiselwa lutho oluhle umuntu okuzalayo uze ucabange ukuthi uyena ovale iziznto zakho, lomuntu ngathi akafuni ukuk’bona uphumelela, ushadelwa noma uba nemali eningi..uma kwenzeka uba nazo lezinto ngathi zingatholwa nguye yedwa, hayi abanye abantu abaseduze kwakho, okusho ukuthi uhlezi enovalo lokuthi uzokhula umshiye…ngathi uphila impilo oweyifisa angazange afinyelele kuyona. Ithiwani into enjalo Mam Khoza , ngiyacabanga kodwa ukuthi angikho ngedwa kulento engikhuluma ngayo.
Get every episode summarized
Each time Jabulujule 9 -12 publishes, we email you a written briefing from the transcript — the topics, who appeared, and any specific claims, with the ad reads skipped.
Email me new episodesFree for 3 shows. No card needed.
Hosts & guests
No transcript yet
This episode has not been transcribed. Request it and it moves to the front of the queue.
More episodes
More from Jabulujule 9 -12

#Jabulujule - INGONO YOMSAMO no Professor VVO Mkhize (Sikhuluma ngohambo lwempil...
Jabulujule 9 -12

#Jabulujule -IKHAYA LAMACIKO no Siyabonga Mpungose - 06 May 2026
Jabulujule 9 -12

#Jabulu Jule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu (Sikhuluma ngezinkinga e...
Jabulujule 9 -12

#Jabulu Jule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Bhengu - 20 April 2026
Jabulujule 9 -12