Skip to content
TrackPodcasts
educationJan 22, 202520:12pending

#Jabulujule - Tea Time no Lady d

About this episode

Ngiyabingelela MAM KHOZA, Ngicela ukungazisho igama ngiyinsizwa eneminyaka engu 40 ngicela
ningixazululela nantu udaba Ngo Ntulikazi wonyaka ophelile kwandlula umama osizalayo
emhlabeni umama udlule emuva kokugula isikhashana umama wayethwasile waphothula wakhishwa kodwa ke azange aqhubeke nokusebenzisa ubungoma.
Kumama sizinsizwa sibathathu KwaGobela kwazi umfwethu ophakathi Kuthe makudlula umama
emhlabeni umfwethu wathi akasawazi umuzi kagobela kamama wala noma sesithi sizozama ezinye
izindlela zokuyomfuna simazise ngokudlula kukama Umfwethu walanda isangoma sakhe sasegoli
okwaba yiso esenza imkhuba yobungoma kumama engakhulumile Nathi njengabafowabo
umfwethu akamdala njalo ngoba enza Zonke lezinto sathulake Mina nomfwethu omdala wafihlwa
umama.
Kuthe ngakusasa ebusuku umfwethu wathatha ihlahla likamama wayoligubhela egcekeni wathi
usiko lwezangoma lolu njalo lokhu ubonisana nalesangoma sakhe sasegoli kwathiwa Uma
uthwasile usuke usuyiwele wathi masekwenziwa inhlanbuluko uzophinde amlande ngelinye ihlahla
esibhedlela kodwa sasimlandile mhla simlande emakhazeni.
Manje ngihlushwa iphupho solokhu samufihla umama ngiphupha inkonzo yakhe yokumfihla
makungeyona inkonzo Kuba umlindelo wakhe umama,leliphupho libuya kabili noma kathathu
enyangeni. Ekugcineni ngiphuphe kungumlindelo wakhe umama Mina bengimemeza egcekeni
ngithi umfwethu nguye obulale umama benentombi yakhe.

Get every episode summarized

Each time Jabulujule 9 -12 publishes, we email you a written briefing from the transcript — the topics, who appeared, and any specific claims, with the ad reads skipped.

Email me new episodes

Free for 3 shows. No card needed.

Hosts & guests

No transcript yet

This episode has not been transcribed. Request it and it moves to the front of the queue.

#Jabulujule - Tea Time no Lady d

Jabulujule 9 -12

0:00
20:12

More episodes

More from Jabulujule 9 -12

View all episodes →